Ukhona yini ongakuqonda ukuthi amafu uweneke kanjani, nokuduma kwedokodo lakhe na?
UJobe 26:14 - IsiZulu 2020 Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, lezi yizingxenye zezindlela zakhe, kepha kuncane kangakanani okuzwiwayo ngaye? kepha ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na? |
Ukhona yini ongakuqonda ukuthi amafu uweneke kanjani, nokuduma kwedokodo lakhe na?
Emveni kwalokho izwi lakhe liyaduma, uyaduma ngezwi lakhe lobukhosi, akalunqandi unyazi uma kuzwakala izwi lakhe.
UNkulunkulu uduma ngokumangalisayo ngezwi lakhe; wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda.
Izwi likaSimakade liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uSimakade uphezu kwamanzi amaningi.
Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.
Ukukhanya kwakhe kufana nelanga liphuma, imisebe ivela esandleni sakhe, kulapho amandla akhe efihlwe khona.
Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
Abamelana noSimakade bayakuphahlazwa; uyakuduma phezu kwabo esezulwini. USimakade uyakwehlulela amajukujuku omhlaba, aphe inkosi yakhe amandla, ogcotshiweyo wakhe amphakamise.”