Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 29:3 - IsiZulu 2020

3 Izwi likaSimakade liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uSimakade uphezu kwamanzi amaningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izwi likaJehova liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izwi likaJehova liphezu kwamanzi; uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma, uJehova uphezu kwamanzi amaningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 29:3
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukuduma kwawo kulanda ngaye, isiphepho sibikezela ngolaka lwakhe.”


Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?


Ubeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, wenza amafu abe yinqola yakhe, uhamba ngamaphiko omoya,


Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela.


Khulekani kuSimakade; sekwanele lokhu kuduma kukaNkulunkulu okungaka nesichotho. Ngizonivumela nihambe, ningabe nisachitha sikhathi lapha.”


UMose waphuma emzini kaFaro, welulela izandla zakhe kuSimakade; kwase kunqamuka ukuduma, nesichotho, nemvula, lasa.


Ngakho-ke abantu ababemile bezwa, bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.”


Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kukhokho wethu u-Abhrahama eseMesophothamiya, engakathutheli eHarana,


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.


Kwase kuba khona imibani, amazwi, ukuduma, nokuzamazama komhlaba okukhulu okwakungakaze kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni.


Ngase ngizwa okungathi yizwi lesixuku esikhulu, linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uSomandla, iyabusa.


Esihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, amazwi, nokuduma. Izibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya bakaNkulunkulu abayisikhombisa.


Ingelosi yathabatha isithunqiso, yasigcwalisa ngamalahle omlilo wase-althare avuthayo, yasiphonsa emhlabeni, kwase kuba khona ukuduma, umsindo, imibani, nokuzamazama komhlaba.


Kwathi uSamuweli esenza umnikelo wokushiswa, asondela amaFilisti ukuzolwa no-Israyeli. USimakade waduma ngezwi elikhulu ngalolo lusuku wamelana namaFilisti, wawafaka ukudideka, anqotshwa kanjalo ngu-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka