Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha.
UJobe 21:16 - IsiZulu 2020 Bhekani, impumelelo yazo isezandleni zazo; izeluleko zezikhohlakali zikude nami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo; icebo lababi malibe kude nami. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, okuhle kwabo akukho esandleni sabo; icebo lababi likude nami. |
Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha.
wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”
Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo,
Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuvimbe, noma amandla phezu kosuku lokufa. Akekho okhululekile empini, kanjalo nobubi abunakubakhulula labo ababenzayo.
Wayibiza wathi kuyo: ‘Yini le engiyizwayo ngawe na? Ngilandise ngobunceku bakho, ngokuba ngeke usaqhubeka ukuba yinduna.’
“Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho ngesikhathi usaphila, noLazaru ngokunjalo wamukela okubi, kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena usuyahlupheka.