Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”
UJobe 18:7 - IsiZulu 2020 Izinyathelo zaso ezinamandla ziyafinyezwa, namasu aso asiqumbe phansi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa; amasu akhe ayamlahla phansi. Contemporary Zulu Bible 2024 Izinyathelo zamandla akhe ziyocindezelwa, necebo lakhe liyomwisa. |
Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”
U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.
Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yagcwala intukuthelo ngalolu daba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningangitshela yini ukuthi ngobani phakathi kwethu abangasenkosini yakwa-Israyeli na?”
Ngumlomo wakho okulahla ngecala, yizindebe zakho uqobo, hhayi mina, ezifakaza okumelene nawe.
Kuyothi kusamhambela kahle, ehlelwe yizinhlupheko; izandla zabo bonke abahluphekayo ziyakuza kuye.
“Impela uyakukukhulula osizini, akubeke endaweni ebanzi, lapho kungekho ukunyinyeka khona, kubekwe okunonile etafuleni lakho.
Ukulunga komsulwa kuyayiqondisa indlela yakhe, kodwa isikhohlakali siyowiswa yinkohlakalo yaso.
Lapho uhamba, izinyathelo zakho aziyukuthiywa yilutho, nalapho ugijima awuyukukhubeka.
Liyakuthwalwa lisiwe e-Asiriya libe yisipho senkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwemukela ihlazo, u-Israyeli abe namahloni ngezeluleko zakhe.
Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli lizwe kungubuwula kuNkulunkulu. Kulotshiwe ukuthi: “Abahlakaniphileyo ubabamba ebuqilini babo,”