Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJobe 18:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa; amasu akhe ayamlahla phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Izinyathelo zaso ezinamandla ziyafinyezwa, namasu aso asiqumbe phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Izinyathelo zamandla akhe ziyocindezelwa, necebo lakhe liyomwisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 18:7
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Abisalomu.” Wayesethi uDavide: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.”


U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.


Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yayiphethwe yitwetwe ngale ndaba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwa-Israyeli na?”


Ngumlomo wakho okulahlayo, akusimi; izindebe zakho ziyafakaza ngawe.


Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa; izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.


“Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho.


Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.


UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.


Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe, kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.


Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe, kepha olungileyo uyenanela, athokoze.


Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa, nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.


Iyakuyiswa e-Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo, u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.


Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka