UJobe 18:6 - IsiZulu 2020 Ukukhanya kuyafiphala ethendeni laso, nesibani saso siyacima phezu kwaso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe, nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukukhanya kuyakuba mnyama etendeni lakhe, nesibani sakhe siyakucinywa kanye naye. |
“Kukangaki lapho isibani sezikhohlakali sicinywa khona, zehlelwe yinhlekelele, zabelwe isabelo ngentukuthelo yakhe na?
lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,
Kuyakuthi lapho sengiqeda nya ngawe, ngisibekele amazulu, ngenze izinkanyezi zawo zibe mnyama, ngilemboze ngefu ilanga, nenyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.
ukukhanya kwesibani akuyukubuye kukhanye kuwe, izwi lomyeni nelomlobokazi alisoze laphinda lizwakale kuwe, ngokuba abahwebi bakho babengabadumile emhlabeni, futhi udukisile izizwe zonke ngokuthakatha kwakho,