Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 18:28 - IsiZulu 2020

28 USimakade uNkulunkulu wami, ukhanyisa isibani sami, akhanyise ubumnyama bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngokuba wena uyakukhanyisa isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakukhanyisa ubumnyama bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 18:28
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wena Simakade uyisibani sami; uSimakade uyabuguqula ubumnyama bami bube ngukukhanya.


Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye vo ukuze uDavide, inceku yami, abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethe ukuba ngibeke iGama lami kuwo.


Nokho ngenxa kaDavide, uSimakade uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuphakamisa indodana yakhe emva kwakhe, nangokuqinisa iJerusalema.


Ukukhanya kuyafiphala ethendeni laso, nesibani saso siyacima phezu kwaso.


lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,


Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.


“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.


Isibani sikaSimakade sihlola umoya womuntu; siphenyisisa izibilini zomuntu.


Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


Izimpumputhe ngiyozihambisa ngendlela ezingayaziyo, ngiyozihola emikhondweni ezingayaziyo, ngiyophendula ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, amagebhugebhu ahlelembeke, lezi zinto engiyozenza, angiyukuyeka ngingazenzi.


Ngenxa yeZiyoni angiyukuthula, nangenxa yeJerusalema angiyukuphumula, kuze ukulunga kwalo kuphume njengokukhanya, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.


isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu; nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.”


ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka