“Nanti izwi uSimakade alikhulumile ngaye, uthi: “ ‘Ikwedelele, yakuhleka usulu intombi; indodakazi yaseZiyoni, ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.
UJobe 16:4 - IsiZulu 2020 Nami bengingakhuluma njengani, ukuba benisesikhundleni sami, bengingayihlanganisa inkulumo, ngimelane nani, ngininikinele ikhanda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nami ngingakhuluma njengani; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani, ngininikinele ikhanda lami. Contemporary Zulu Bible 2024 Nami bengiyakukhuluma njengani; uma umphefumulo wenu ubusendaweni yomphefumulo wami, bengiyakuqoqa amazwi ngani, nginikine ikhanda lami kini. |
“Nanti izwi uSimakade alikhulumile ngaye, uthi: “ ‘Ikwedelele, yakuhleka usulu intombi; indodakazi yaseZiyoni, ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.
“Ngabe awayukuphendulwa yini amazwi amaningi kangaka na? Iphoshophosho lingaxolelwa yini na?
basho nokusho bathi: “Makabeke indaba yakhe kuSimakade; Yena makamkhulule. Makamsindise ngoba uthokozile ngaye!”
Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.
Isiwula sikhuluma amagama amaningi, kodwa akukho muntu owaziyo ukuthi kuzokwenzekani, nongasho ukuthi yini ezolandela uma sesifile?
nanti izwi uSimakade alikhulumile maqondana naye, uthi: “Uyakwedelela, uyakungcofa, ntombi, ndodakazi yaseZiyoni; ukunikinela ikhanda, ndodakazi yaseJerusalema.
benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.
U-Israyeli wayengesiyo yini inhlekisa kuwe na? Watholakala enamasela yini, njengoba uma ukhuluma ngaye unikina ikhanda.
Bonke abedlula ngakuwe, bashaya izandla, bethi: “Ashila!” Bayakunximfela, benikina amakhanda, ndodakazi Jerusalema, bathi: “Ngabe yiwo yini lo muzi ababewubiza ngokuthi ungubuhle obupheleleyo, nentokozo yomhlaba wonke na?”
Yiwo lo muzi owawujabulile, uhlala uvikelekile, uthi enhliziyweni yawo: “Yimina, mina ngedwa, akekho omunye!” Maye, ngokuphenduka kwawo ube yincithakalo nendawo yokubuthisa izilwane! Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa, banikine amakhanda.
Ngakho-ke kukho konke, ngisho nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaphrofethi.
Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.