UJobe 13:16 - IsiZulu 2020 Lokhu kuyakuba yinsindiso yami, ukuthi ongenaNkulunkulu akayukuza phambi kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lokhu kuyakuba yinsindiso yami ukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Yena uyakuba yinsindiso yami, ngokuba umzenzisi akayikufika phambi kwakhe. |
Olungileyo ubengaphikisana naye, mina ngikhululwe kumehluleli wami ingunaphakade.
“Abangenakulunga enhliziyweni baqongelela ulaka, abakhali bacele usizo lapho ebabopha.
“Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.
USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?
USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.
Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”
Impela amagquma ayize nomsindo wezintaba. Ngokwempela, ukusindiswa kuka-Israyeli kukuSimakade uNkulunkulu wethu.
INkosi isiyale kanjalo yathi: “ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”