ngaphambi kokuba ngihambe, ngingaphinde ngibuye, ngiye ezweni lobumnyama nesigayegaye,
UJobe 10:22 - IsiZulu 2020 izwe lobumnyama nesiphithiphithi sobumnyama, lapho ukukhanya kufana nobumnyama.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE izwe lobumnyama obunjengesigayegaye nelomthunzi wokufa nelesiphithiphithi, lapho ukukhanya kunjengobumnyama.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Izwe lobumnyama, njengobumnyama uqobo; nethunzi lokufa, kungekho simiso, nalapho ukukhanya kunjengobumnyama. |
ngaphambi kokuba ngihambe, ngingaphinde ngibuye, ngiye ezweni lobumnyama nesigayegaye,
Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami, ngendlale ukhukho lwami ebumnyameni,
Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse.
Abukho ubumnyama, nesigayegaye asikho, lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.
Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.
Ziyaziwa yini izimangaliso zakho ebumnyameni, nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?
Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.
Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’
Ngaphezu kwakho konke lokho, kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani, ukuze abafuna ukusuka lapha baye kini bangaphumeleli; kanjalo nabalapho, bangaweleli kithi.’