Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu.
UGenesise 8:5 - IsiZulu 2020 Amanzi aya ngokuya ehla. Kwathi lulunye ngenyanga yeshumi, kwaqala kwabonakala iziqongo zezintaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi. Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala. Contemporary Zulu Bible 2024 Amanzi ancipha kwaze kwaba yinyanga yeshumi; ngenyanga yeshumi, ngolokuqala lwenyanga, kwabonakala iziqongo zezintaba. |
Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu.
Amanzi aya ngokuya ebohla. Sekwedlule izinsuku eziyi-150 amanzi ayesehlile impela.
Ngosuku lwe-17 ngenyanga yesikhombisa, umkhumbi wathi cababa ezintabeni e-Ararathi.
Kwathi emveni kwezinsuku ezingama-40, uNowa wavula ifasitela lomkhumbi ayelenzile,