Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 7:11 - IsiZulu 2020

11 Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kukaNowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuphila kukaNowa, ngenyanga yesibili, ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku yonke imithombo kazamcolo omkhulu yagqashuka, namafasitele asezulwini avuleka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 7:11
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wenza umkhathi wokwehlukanisa amanzi aphansi kwawo naphezu kwawo. Kwaba njalo.


Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.


UNowa wayeseneminyaka engama-600 ngesikhathi liyithela ekazamcolo emhlabeni.


Kwafika usuku lwama-27 sekome nkwe phansi.


Kwavaleka iziphethu ezisezinzulwini, kwavaleka namafasitela ezulu, yanqamuka imvula.


Induna yamphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Uyabona, noma ngabe uSimakade ubengenza amafasitela ezulwini, le nto ingenzeka njengaleli lizwi na?” Wathi: “Wena uyakukubona ngamehlo akho, kodwa awuyukukudla.”


Induna yenkosi eyayiyisethenjwa yamphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Uma uSimakade enza amafasitela ezulwini, lokhu kungenzeka kanjani na?” Wathi: “Uyakukubona ngamehlo akho, kodwa ungakudli.”


Uyawavimba amanzi, ashe, awathumele agumbuqele umhlaba.


Bamba umgodi wemayini kude nalapho kuhlala khona abantu, lapho lungakaze lubhadwe muntu khona, behla bejikajika belenga kude nabantu.


“Wake wangena emithonjeni yolwandle, wahamba phansi ezinzulwini zalo na?


Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha, athulule izimvaba zamanzi zasezulwini,


Uqoqela ndawonye amanzi olwandle kube sengathi asembizeni, utwa uluqoqela ezinqolobaneni.


NguWena owaveza isiphethu nomfudlana; nguWena owomisa imifula egobhoza ingashi.


Ngokwazi kwakhe izinzulu zaqhekezwa, amafu aconsa amazolo.


Kuyothi obalekela umsindo wokwesaba awele emgodini; ophuma emgodini uyobanjwa wugibe. Ngokuba amafasitela ezulu avuliwe, nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.


Umhlaba uyophihlizwa, ube yimvithi, uqhekezeke, umhlaba uyakuzanyazanyiswa kanzima.


Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.


Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi lapho ngikwenza umuzi oyincithakalo njengemizi okungahlalwa kuyo, nalapho ngikhuphulela kuwe izinzulu zolwandle, namanzi azo amaningi akusibekele,


Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.


Njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa; kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


okwathi ngamanzi umhlaba owawukhona phambilini wabhujiswa ngawo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka