Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu.
UGenesise 8:13 - IsiZulu 2020 Ngosuku lokuqala ngenyanga yokuqala uNowa eseqede iminyaka engama-601 ephila, wonke amanzi ayesehwamukile emhlabeni. UNowa waphakamisa uphahla lomkhumbi, wabona ukuthi sekomile phansi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emhlabeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye, ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, amanzi ashile emhlabeni; uNowa wasusa isembozo somkhumbi, wabheka, bheka, ubuso bomhlaba bomile. |
Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu.