UGenesise 7:16 - IsiZulu 2020 njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile uNowa, kwangena iduna nensikazi, kukho konke okuphilayo. Esengenile uNowa, uSimakade wavala umnyango. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ezingenayo, kwangena iduna nensikazi kuyo yonke inyama, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wamfaka. |
Laqhubeka layithela imvula izinsuku ezingama-40, akhula amanzi, awuntantisa umkhumbi phezu komhlaba.
zangena emkhunjini ngazimbili, iduna nensikazi kanye noNowa njengokuba uNkulunkulu ayeshilo kuye.
Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.
Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,
“Zisahambile ukuyokuthenga, wafika umyeni. Lezo ezazilungele, zangena naye edilini lomshado; kwase kuvalwa umnyango.
Uma umninindlu esesukumile wavala umnyango, niyakuma ngaphandle, ningqongqoze emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ yena uyakuphendula, athi: ‘Anginazi ukuthi nivela kuphi.’
UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’
Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;