Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 7:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile uNowa, kwangena iduna nensikazi, kukho konke okuphilayo. Esengenile uNowa, uSimakade wavala umnyango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ezingenayo, kwangena iduna nensikazi kuyo yonke inyama, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wamfaka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 7:16
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zangena kuNowa emkhunjini zimbili ngazimbili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila.


Kwaba nguzamcolo emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane; amanzi anda, aphakamisa umkhumbi; waphakama phezu komhlaba.


UNowa wakwenza konke njengalokho emyalile uJehova.


kwangena ngambili emkhunjini kuNowa, iduna nensikazi, njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa.


Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.


Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,


Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka, ungaqhuzuli unyawo lwakho.


“Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango.


Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’


UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo, nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi: ‘Chitha.’


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka