Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 49:4 - IsiZulu 2020

Ubikizela njengamanzi omfula, kodwa ngeke usaba yingqongqo, ngoba wakhwela embhedeni kayihlo, wawungcolisa; wakhwela embhedeni wami.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uyachichima njengamanzi, awuyikuba nabungqongqo, ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona; wakhwela okhukhweni lwami.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ongazinzile njengamanzi, awuyikuba mnandi; ngoba wenyukela embhedeni kayihlo; bese uyalingcolisa; wakhuphukela embhedeni wami.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 49:4
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.


Nanka amagama abakwa-Israyeli abahamba baya eGibhithe noJakobe nesizukulwane sakhe: uRubeni, izibulo lakhe,


Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli. Wayeyizibulo, kodwa ngenxa yokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa, indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwangwa nasezizukulwaneni njengezibulo.


Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise.


“ ‘Makaqalekiswe olala nomkayise, ngokuba wambulile isidwaba sikayise.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


“Sengathi uRubeni angaphila, angafi; amadodana akhe ande kakhulu.


“ ‘Ungamfisi umfazi womakhelwane wakho; ungayifisi indlu yomakhelwane wakho, insimu yakhe, inceku yakhe, incekukazi yakhe, inkabi yakhe, imbongolo yakhe, nokunye kukamakhelwane wakho.’


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


Kanjalo futhi nasezincwadini zakhe zonke uyakhuluma ngalezi zinto, okukho nakuzo okunzima ukuba kuqondakale, okuthe abangenalwazi nabantekenteke bakuhlanekezela, njengalokhu benze kanjalo nangezinye izincwadi, bazidonsela ukubhujiswa.