Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 3:23 - IsiZulu 2020

USimakade uNkulunkulu wayesemxosha umuntu ensimini yase-Edeni, wamkhipha ukuba ayolima umhlabathi ayebunjwe ngawo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngakho uJehova uNkulunkulu wamkhipha ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 3:23
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngesikhathi uSimakade uNkulunkulu edala umhlaba kwakungakabi bikho zihlahla ezweni, kwakungakamili nazitshalo emhlabathini ngoba wayengakayinisi imvula, futhi kungekho namuntu wokulima umhlabathi.


USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.


USimakade uNkulunkulu watshala insimu yezithelo e-Edeni ngasempumalanga, wambeka khona umuntu ayembumbile.


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


USimakade uNkulunkulu wathi: “Bhekani, umuntu usefana nathi, useyakwazi okuhle nokubi. Akanqandwe ukuba angalokothi adle isithelo somuthi wokuphila, bese ephila ingunaphakade.”


Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.


Uma ulima, umhlabathi awuyikukunika sivuno; uzoba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”


Wabuye wazala enye indodana wayiqamba ngokuthi ngu-Abela. U-Abela wayengumelusi, uKhayini engumlimi.


UNowa owayengumlimi, waba ngowokuqala ukutshala isivini.


Impumelelo yezwe isenkosini enakekela ukulinywa kwamasimu.