Uma ufika ezihlotsheni zami bese ziyenqaba ukukuganisela, uyobe usukhululekile esifungweni engikufungise sona.’
UGenesise 24:8 - IsiZulu 2020 Uma owesifazane lowo engathandi ukubuya nawe, uyobe ukhululekile kulesi sifungo engikufungise sona. Inqobo nje uma ungayibuyiselanga lapho indodana yami.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uma owesifazane engathandi ukukulandela, uyobe ukhululekile kulesi sifungo sami; kodwa ungabuyiseli khona indodana yami.” Contemporary Zulu Bible 2024 Uma owesifazane engathandi ukukulandela, wosusa lesi sifungo sami; kuphela ungayibuyiseli khona indodana yami. |
Uma ufika ezihlotsheni zami bese ziyenqaba ukukuganisela, uyobe usukhululekile esifungweni engikufungise sona.’
Kodwa uma uyise emenqabela ngosuku ezwa ngalo, zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo aziyukuma; uSimakade uyomthethelela, ngoba uyise emenqabele.
Kepha uma indoda yakhe imelana nakho ngosuku ekuzwa ngalo, uyakuzephula izifungo ayezibophezele ngazo, noma lokho asheshe wakukhuluma ngomlomo wakhe wazibophezela ngakho; uSimakade uyakumthethelela.
Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kukhokho wethu u-Abhrahama eseMesophothamiya, engakathutheli eHarana,
Yilokhu esizokwenza kubo: sizobayeka baphile ukuze singehlelwa wulaka ngenxa yesifungo esisenze kubo.”