Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 30:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha uma indoda yakhe imelana nakho ngosuku ekuzwa ngalo, uyakuzephula izifungo ayezibophezele ngazo, noma lokho asheshe wakukhuluma ngomlomo wakhe wazibophezela ngakho; uSimakade uyakumthethelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo, iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwakhe nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo; khona-ke kumelwe enze isithembiso sakhe athembisa ngaso, nasikhulumile ngezindebe zakhe, abophe ngaso umphefumulo wakhe, asinakuchithwa; uJehova uyakumthethelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 30:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kowesifazane wathi: “Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe, uzwe iminjunju lapho ubeletha. Uyohlala ulangazelela indoda yakho, yona ikubuse.”


“Abesifazane bathi kuJeremiya: lapho sishisela indlovukazi yezulu impepho, siyethulela iminikelo yokuphuzwayo, siyenzela amaqebelengwane anomfanekiso wayo, ucabanga ukuthi lokho esiyethulela khona, sasikwenza amadoda ethu engavumanga na?”


“ ‘Uma umuntu efunga egomela ngomlomo wakhe ukwenza okubi noma okuhle, kumbe akhulume budlabha afunge, engakucabangisisile, lapho esazi uyoba necala lokunye kwalokho.


Kodwa uma uyise emenqabela ngosuku ezwa ngalo, zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo aziyukuma; uSimakade uyomthethelela, ngoba uyise emenqabele.


umyeni wakhe ezwe ngazo, kodwa angasho lutho kuye ngosuku ezwe ngalo, izifungo azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo nezithembiso azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo.


“ ‘Isithembiso somfelokazi noma esolahlwe yindoda, konke azibophezele ngakho, kuyohlala kunjalo kuye.


Abesifazane mabathule emabandleni, ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kodwa mabazithobe njengalokhu usho kanjalo nomthetho.


Umfazi kanamandla phezu komzimba wakhe, kodwa yindoda enawo, kanjalo nendoda kayinamandla phezu komzimba wayo, kodwa ngumfazi onawo.


U-Elikhana, umyeni wakhe, wathi kuye: “Yenza okuhle emehlweni akho; hlala uze umlumule; uSimakade makaqinise izwi lakhe kuphela.” Owesifazane wayesehlala, wayincelisa indodana yakhe waze wayilumula.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka