Kuthe seliyozilahla kunina u-Abhrama wazunywa ngubuthongo obukhulu. Esesebuthongweni wehlelwa ngubumnyama obesabekayo.
UGenesise 2:21 - IsiZulu 2020 USimakade uNkulunkulu wenza ukuba umuntu azunywe ngubuthongo obukhulu, kuthe esalele wathatha olunye lwezimbambo zakhe, wayivala ngesicubu leyo ndawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; |
Kuthe seliyozilahla kunina u-Abhrama wazunywa ngubuthongo obukhulu. Esesebuthongweni wehlelwa ngubumnyama obesabekayo.
Ephusheni nasembonweni ebusuku, lapho abantu belele ubuthongo obunzima, bethe zwi emibhedeni yabo,
Phakathi kwemicabango yemibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,
Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.
UDavide wayesewuthatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba. Ababonwanga muntu, akekho owayazi ngalokho, futhi akuvukanga muntu, ngokuba bonke babezunywe ngubuthongo obunzulu obabuvela kuSimakade.