Yaqhubeka yathi: “Ngiyozandisa izizukulwane zakho zibe ziningi kangangokuthi azinakubalwa.”
UGenesise 18:10 - IsiZulu 2020 Enye yalawo madoda yathi: “Ngizobuya noma kanjani ngalesi sikhathi ngonyaka ozayo; umkakho uSara uzobe esenendodana.” USara wakuzwa lokho esemnyango wethende ngemva kuka-Abhrahama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi: “Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana.” USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Impela ngiyakubuyela kuwe ngesikhathi sokuphila; bheka, umkakho uSara uzakuba nendodana. USara wezwa ngasemnyango wetende elingasemva kwakhe. |
Yaqhubeka yathi: “Ngiyozandisa izizukulwane zakho zibe ziningi kangangokuthi azinakubalwa.”
Ngizombusisa akuzalele indodana, abe ngunina wezizwe eziningi okuyovela kuzo amakhosi ayobusa izizwe.”
UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.
Kepha isivumelwano sami ngiyosimisa no-Isaka, ozomzalelwa nguSara ngalesi sikhathi, ngonyaka ozayo.”
USimakade wamhambela uSara njengoba ayekade eshilo, wamenzela lokho ayemethembise khona.
USara wakhulelwa, wamzalela u-Abhrahama indodana esemdala, ngesikhathi uNkulunkulu ayekhulume naye ngaso.
Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakhariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elizabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama uthi nguJohane.
Kepha eyesigqilakazi yayizelwe ngokwenyama, kodwa eyokhululekileyo izelwe ngokwesithembiso.