Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.
UGenesise 17:2 - IsiZulu 2020 Ngizosigcina isivumelwano esiphakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nginandise kakhulu. |
Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.
Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.
Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe:
Wayesemkhiphela phandle wathi: “Bheka esibhakabhakeni ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wayesethi kuye: “Iyakuba ngako inzalo yakho.”
ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,
Sengathi uNkulunkulu uSomandla angakubusisa, akwandise kakhulu, ukuze kuvele kuwe izizwe eziningi.
USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.
USimakade ungumngani walabo abamesabayo, ubafundisa ukuba basazi isivumelwano sakhe.
abangaba-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo; izivumelwano, ukumiswa komthetho, inkonzo, nezithembiso;