Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 17:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Ngizosigcina isivumelwano esiphakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nginandise kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 17:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.


Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:


Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,


“Bhekani, mina ngiyamisa isivumelwano sami nani nenzalo yenu emva kwenu,


Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.


avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


bona bangabakwa-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo, nezivumelwano, nokumiswa komthetho, nenkonzo, nezithembiso,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka