UNkulunkulu waba naye umfana, wakhula, wahlala ehlane ePharanu, waba yingcweti ngomcibisholo.
UGenesise 16:12 - IsiZulu 2020 Uyakuba yindoda ewumdlwembe njengembongolo yasendle, amelane nabo bonke abantu, nabantu bonke bamelane naye, futhi uyoba nochuku ngisho nasezihlotsheni zakhe zonke.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakuba ngumuntu onjengembongolo engathanjisiwe, isandla sakhe simelane nabo bonke, nesandla sabo bonke simelane naye, ahlale ngasempumalanga kwabafowabo bonke.” Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakuba ngumuntu wasendle; isandla sakhe siyakuba phezu kwawo wonke umuntu, nesandla sawo wonke sibe phezu kwakhe; futhi uyakuhlala phambi kwabo bonke abafowabo. |
UNkulunkulu waba naye umfana, wakhula, wahlala ehlane ePharanu, waba yingcweti ngomcibisholo.
Izizukulwane zakhe zakha kusukela eHavila kuyoshaya eShuri, eduze nomngcele eGibhithe uma ulibhekise e-Ashuri. U-Ishmayeli wayengumdlwembe phakathi kwabafowabo, ehlala ebachukuluza.
Uyophila ngenkemba yakho, ube yisikhonzi somfowenu, kodwa lapho usumvukela uyolephula ijoka lakhe entanyeni yakho.”
Bahlala phansi, badla; kuthe bephakamisa amehlo, babona ihele labakwa-Ishmayeli liqhamuka kwaGileyadi, amakameli abo ethwele inhlaka, nebhalisamu, nemure, bekwehlisela eGibhithe.
Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.
Bheka, njengezimbongolo ehlane, bayahamba beya emsebenzini wabo, bedabula ehlane, befunela abantwana babo ukudla.