UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.
UGenesise 16:11 - IsiZulu 2020 Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ukhulelwe manje, uzozala indodana, uyiqambe igama uthi ngu-Ishmayeli, ngokuba uSimakade uluzwile usizi lwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi u-Ishmayeli,* ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, ukhulelwe, futhi uzozala indodana, uyiqambe ngokuthi u-Ishmayeli; ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho. |
UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.
UNkulunkulu wakuzwa ukukhala komfana. Ingelosi kaNkulunkulu yammemeza uHagari isezulwini, yathi kuye: “Kwenzenjani Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ukuzwile ukukhala komfana, lapho ekhona.
Bahlala phansi, badla; kuthe bephakamisa amehlo, babona ihele labakwa-Ishmayeli liqhamuka kwaGileyadi, amakameli abo ethwele inhlaka, nebhalisamu, nemure, bekwehlisela eGibhithe.
Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo, lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu, ezulazula, ngenxa yokweswela ukudla na?”
ngokuba akamedelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohlushwayo. Akamfihlelanga ubuso bakhe, kodwa wamuzwa ngesikhathi enxusa.
USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.
Manje, bheka, ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.
Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.
Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakhariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elizabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama uthi nguJohane.
Kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi uHana wakhulelwa, wazibula ngendondana, wayiqamba igama wathi nguSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuSimakade.”