Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 13:9 - IsiZulu 2020

Awuliboni yini leli lizwe eliphambi kwakho na? Masehlukane-ke. Uma uya enyakatho, mina ngizoya eningizimu. Uma uya eningizimu, mina ngizoya enyakatho.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Izwe lonke aliphambi kwakho na? Hlukana nami; uma uthanda ukuthatha isandla sokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; noma uphendukela ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 13:9
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora.


U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.


U-Abhimeleki wayesethi: “Nanti izwe phambi kwakho, ungakha nomaphi lapho uthanda khona.”


Hlalani phakathi kwethu, nanti izwe phambi kwenu. Yakhani, nithengiselane, nibe nezindawo zenu.”


Mina ngingowokuthula, kodwa uma ngikhuluma, bayalwa.


Bheka, manje ngiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle kuwe ukuba uye nami eBhabhele, woza, ngiyakukunakekela, kodwa uma ungafuni ukuya nami eBhabhele, hlala. Uyabona, lonke izwe liphambi kwakho; yana lapho ufisa ukuya khona.”


Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke.


Empeleni kwakhona nje ukuthi niyamangalelana kukhombisa ukuthi niyizehluleki. Kungebe ngcono ngani ukuba kwenziwe okubi kini na? Kungebe ngcono ngani ukuba nani niqolwe na?


Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.