Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.
UGenesise 11:1 - IsiZulu 2020 Emhlabeni wonke abantu babekhuluma lulimi lunye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umhlaba wonke wawunolimi lunye nokukhuluma kunye. Contemporary Zulu Bible 2024 Umhlaba wonke wawululimi lunye nezwi linye. |
Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.
Wathi: “Bheka, laba bantu basizwe sinye, bakhuluma lulimi lunye. Lokhu kuseyisiqalo nje sezinto abazozenza. Manje sebezokwenza noma yini abazimisele ukuyenza.
Ngalolo lusuku, eGibhithe, kuyoba nemizi emihlanu ekhuluma ulimi lwaseKhanani, eyokwenza isifungo sokwethembeka kuSimakade Wamabandla. Omunye waleyo mizi uyobizwa ngokuthi nguMuzi Wembubhiso.
“ ‘Ngokuba ngaleso sikhathi ngiyakunika abantu izindebe zomlomo ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaSimakade, bamkhonze bemunye.
Sekuzwakele lokhu kuduma, kwabuthana uquqaba, ludidekile, ngokuba yilowo nalowo wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.