“Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu.
UEksodusi 19:1 - IsiZulu 2020 Kwathi ngenyanga yesithathu emveni kokuphuma kwabantu bakwa-Israyeli eGibhithe, ngalo lolo lusuku, bafika ehlane iSinayi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenyanga yesithathu ekuphumeni kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi. |
“Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu.
Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.
Niyoligcina kuze kube lusuku lweshumi nane lwayo le nyanga, bese kuthi wonke umphakathi wakwa-Israyeli uhlabe amawundlu phakathi kwamabili.
Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka e-Elimu laze layofika ehlane iSini phakathi kwe-Elimu neSinayi, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesibili bephumile eGibhithe.
Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”
“Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala uyakulimisa ithabanakeli lethende lokuhlangana.
Ngosuku lokuqala lwenyanga yesibili ngonyaka, wesibili abakwa-Israyeli bephumile eGibhithe, uSimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ethendeni lokuhlangana, wathi:
Abantu bakwa-Israyeli baqala uhambo lwabo besuka ehlane iSinayi, ifu laze lema ehlane iPharanu.
“USimakade uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebhe, wathi: ‘Senihlale isikhathi eside kule ntaba;
lwalunjani usuku owema ngalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe, lapho uSimakade athi kimi: ‘Ngiqoqele abantu ukuze ngibazwise amazwi ami, bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, futhi bawafundise nabantwana babo.’
“Qaphelani kakhulu, lokhu ningabonanga simo ngalolo lusuku lapho uSimakade ekhuluma nani eHorebhe, ephakathi komlilo.