Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.
UEksodusi 15:1 - IsiZulu 2020 UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle. Contemporary Zulu Bible 2024 UMozisi labantwana bakoIsrayeli basebehlabela lelihubo ekudumiseni iN, bakhuluma bathi: Ngizahlabelela iNKOSI, ngoba uphakeme kakhulu; Waphonsa ihhashi nomgibeli walo olwandle. |
Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.
Wayesebakhipha abantu bakhe bethokozile, abakhethiweyo bakhe bahuba ngokwethaba.
Wena uyindawo yami yokubhaca, uyangivikela enkathazweni, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela
USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho phezu kolwandle, ukuze amanzi abuyele phezu kwabaseGibhithe, naphezu kwezinqola zabo zempi, naphezu kwabagibele amahhashi.”
UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela esimweni salo entathakusa. AbaseGibhithe babaleka, kodwa uSimakade wabaphonsa phakathi kolwandle abaseGibhithe.
UMiriyamu wahlabelela wathi: “Hlabelelelani uSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”
Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”
Mhubeleni uSimakade ihubo elisha, indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
ngawe ngiphahlaze ihhashi nomgibeli walo, ngawe ngiphahlaze inqola nogibele kuyo,
nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.
U-Israyeli wayesehlabelela leli culo elithi: “Mpompoza, mthombo! Hlabelelani ngawo!
Wabephuca izikhali ababusi nabanamandla, wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngesiphambano.
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.