Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 76:7 - IsiZulu 2020

7 Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wena, yebo, uyesatshwa, futhi ubani oyoma phambi kwakho lapho uqala ukuthukuthela na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 76:7
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba mkhulu uSimakade, ufanele ukudunyiswa kakhulu; uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, Wena ulungile, kodwa thina usiphunyukisile, sasala sayinsali njengoba kunje namuhla. Siphambi kwakho necala lethu, nakuba kungekho namunye ongama phambi kwakho ngenxa yalokho.”


Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.


Ngubani owazi amandla entukuthelo yakho nolaka lwakho olunjengokwesabeka kwakho na?


UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.


Izinqola zikaFaro nempi yakhe ukuphonse olwandle; izikhulu zakhe ezikhethekileyo uziminzise oLwandle Lomhlanga.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


Yasho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike udumo, ngokuba ihora lokwehlulela kwakhe selifikile. Mkhonzeni lowo owadala izulu, umhlaba ulwandle, nemithombo yamanzi.”


Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka