“Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu.
“Le nyanga iyakuba kini inhloko yezinyanga, ibe yinyanga yokuqala emnyakeni kini.
Le nyanga iyakuba kini eyokuqala kwezinyanga; kumelwe kube yinyanga yokuqala yonyaka kini.
Ngenyanga yokuqala, inyanga uNisani, ngonyaka we-12 wokubusa kuka-Ahasheveroshi, benza iPhure (unkatho) phambi kukaHamani, imihla ngemihla, nyanga zonke, ukuze abone ukuthi isu lakhe liyolunga, liphumelele ngayiphi inyanga nangaluphi usuku. Waqoka ukuba lokho kwenziwe ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari.
USimakade wathi kuMose no-Aroni eGibhithe:
Ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14 kusihlwa niyokudla isinkwa esingenamvubelo kuze kube kusihlwa ngosuku lwama-21.
Yishoni kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli nithi: ‘Ngomhla zilishumi kule nyanga bayothatha yilowo nalowo mndeni, kube yiwundlu umndeni ngamunye.
UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.
Namuhla, niyaphuma ngenyanga u-Abibi.
“Ngenyanga u-Abibi, inyanga owaphuma ngayo eGibhithe, uyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngendlela engakuyala ngayo. Ezinsukwini eziyisikhombisa zalo mkhosi ungasidli isinkwa esinemvubelo. Makungezi muntu phambi kwami engaphethe lutho.
“Uyowugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa njengoba ngakuyala, ngesikhathi esimisiweyo ngenyanga u-Abibi, ngokuba ngale nyanga waphuma eGibhithe.
Ngenyanga yokuqala ngonyaka wesibili, ngosuku lokuqala lwenyanga, ithabanakeli lamiswa.
“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ngenyanga yokuqala, ngosuku lwayo lokuqala, uyakuthatha inkunzi neduna elingenasici, bese uhlambulula indlu engcwele.
“ ‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14 enyangeni, niyakuba nephasika; umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa, kudliwe isinkwa esingenamvubelo.
phakathi kwamabili, ngosuku lwe-14 ngenyanga yokuqala; yiphasika likaSimakade.
“ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-14 lwayo, kuyakuba yiphasika likaSimakade.
“Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku.