Iminyaka engamashumi amane, wabanakekela ehlane; abantulanga lutho, izingubo zabo aziguganga, nezinyawo zabo azivuvukalanga.
UDuteronomi 8:4 - IsiZulu 2020 Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engama-40. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga le minyaka engamashumi amane. Contemporary Zulu Bible 2024 Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engamashumi amane. |
Iminyaka engamashumi amane, wabanakekela ehlane; abantulanga lutho, izingubo zabo aziguganga, nezinyawo zabo azivuvukalanga.
Abantu bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engama-40, baze bafinyelela ezweni okwakhiwe kulo; bayidla imana baze bafika emngceleni weKhanani.
Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engama-40, bayakuthwala icala lokuphinga kwenu, zize ziphele nya izidumbu zenu ehlane.
“USimakade uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho. Ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu, nakule minyaka engama-40, uSimakade uNkulunkulu wakho ube nawe, aweswelanga lutho.
Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.