Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 14:33 - IsiZulu 2020

33 Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engama-40, bayakuthwala icala lokuphinga kwenu, zize ziphele nya izidumbu zenu ehlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engamashumi amane, bathwale ukuphinga kwenu, izidumbu zenu zize ziqedwe ehlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Abantwana benu bayakuzulazula iminyaka engamashumi amane ehlane, bathwale ubufebe benu, izidumbu zenu zibhujiswe ehlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 14:33
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bazulazula ehlane, abaze bayithola indlela yokuya emzini ababezohlala kuwo.


Izikhulu wazithela ngendelelo, wabazulazulisa ehlane kungenandlela.


Ngakho-ke izinsuku zabo waziqeda njengomoya, neminyaka yabo, ngokwesaba.


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


“Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba ungikhohliwe Mina, wangifulathela, uyakukuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.’ ”


Israyeli, ungajabuli, ngokuthokoza okufana nokwabezizwe, ngokuba uzifebele wena, wahlubuka kuNkulunkulu wakho, wathanda inkokhelo yesifebe kuzo zonke izibuya zokusanhlamvu.


Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engama-40, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenze okubi emehlweni kaSimakade.


U-Aroni, umphristi, wakhuphukela entabeni iHori ngokwesiyalezo sikaSimakade. Wafike wafela khona ngonyaka wama-40, emveni kokuphuma kwabakwa-Israyeli eGibhithe, ngenyanga yesihlanu ngosuku lokuqala lwayo.


Indoda iyakukhululeka ebubini, kodwa owesifazane uyobuthwala ububi bakhe.’ ”


Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40.


Kwathi ngonyaka wama-40, ngenyanga ye-11, ngosuku lokuqala lwayo, uMose watshela abakwa-Israyeli konke lokho uSimakade ayemyale ngakho ukuba akukhulume kubo.


“Izinsuku esazihamba sisuka eKadeshi Bharineya size siyowela umfula iZeredi kwaba yiminyaka engama-38, saze saphela sonke leso sizukulwane samabutho empi phakathi kwenkambu, njengalokho uSimakade ayefungile.


“USimakade uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho. Ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu, nakule minyaka engama-40, uSimakade uNkulunkulu wakho ube nawe, aweswelanga lutho.


Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engama-40.


“Manje, uSimakade ungivumele ngaphila njengalokhu ayeshilo, yonke le minyaka engama-45 kusukela ngesikhathi uSimakade akhuluma ngaso leli lizwi kuMose, ngesikhathi u-Israyeli esehamba edabula ehlane; manje ngisekhona nanamuhla, sengineminyaka engama-85.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka