Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 29:5 - IsiZulu 2020

5 Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu aziguganga kini, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu azigugelanga phezu kwenu, nesicathulo sakho asiguganga ezinyaweni zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 29:5
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iminyaka engamashumi amane, wabanakekela ehlane; abantulanga lutho, izingubo zabo aziguganga, nezinyawo zabo azivuvukalanga.


wanisela phezu kwabo imana ukuze badle, wabapha ukudla kwasezulwini.


Ngizonithatha nibe ngabantu bami, futhi ngibe nguNkulunkulu wenu. Niyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguNkulunkulu wenu, onikhululile emithwalweni yabaseGibhithe.


UMose wayeseneminyaka engama-80, u-Aroni eneminyaka engama-83 ngesikhathi beyokhuluma noFaro.


Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engama-40, bayakuthwala icala lokuphinga kwenu, zize ziphele nya izidumbu zenu ehlane.


Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso.


Kwathi ngonyaka wama-40, ngenyanga ye-11, ngosuku lokuqala lwayo, uMose watshela abakwa-Israyeli konke lokho uSimakade ayemyale ngakho ukuba akukhulume kubo.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.


Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engama-40.


Niyabona-ke, nezimvaba zethu zewayini zazizintsha lapho sizigcwalisa, kodwa sezidabukile; izingubo nezimbadada zethu sekuvuthukela emizimbeni yethu ngenxa yobude bendlela.”


Zafaka izimbadada ezindala ezinyaweni zazo, zagqoka izingubo ezigugile, zathatha umphako wezinkwa ezomile, eziyimvuthu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka