UDuteronomi 8:3 - IsiZulu 2020 Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova. |
Kepha uJesu waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu angaphila ngaso, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
UJesu wamphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Umuntu akanakuphila ngesinkwa kuphela.’ ”
Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.
Anidlanga sinkwa, aniphuzanga wayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
Ngokuba leli lizwi alisiwo amampunge nje kini, lingukuphila kwenu; ngalawa mazwi niyokwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani, ukuba nilidle.”
Ngesikhathi ngikhuphukele entabeni ukuyokwemukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uSimakade asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngangingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi.