Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 37:3 - IsiZulu 2020

3 Thembela kuSimakade, wenze okuhle, ukuze uhlale ezweni, uzondle ngokukholeka;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Thembela kuJehova, wenze okuhle; niyohlala ezweni, nondliwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 37:3
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wabonakala ku-Isaka, wathi: “Ungehleli eGibhithe. Hlala kuleli lizwe engizokukhombisa lona.


Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.


Wayesevuka; bheka, nanto iqebelengwane ngasekhanda lakhe, elalenziwe ematsheni ashisayo, nophiso lwamanzi. Wadla, waphuza; wabuye walala phansi.


Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.


ukukhulula umphefumulo wabo ekufeni, nokubagcina bephilile endlaleni.


Nikelani ngeminikelo yokulunga, nethembele kuSimakade.


Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke, inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe, uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.


Thembela kuSimakade ngayo yonke inhliziyo yakho, unganciki kokwakho ukuqonda.


Iyokwelusa umhlambi wayo njengomelusi, iqoqe izimvana ngezingalo zayo, izigone esifubeni sayo, ihole ngesinono izindlezane.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


Wayesethi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama semali, nasikhwama sokwethekela, nazicathulo, ngabe kukhona yini enakweswelayo na?” Bathi: “Qha.”


umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.”


Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka