Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 5:22 - IsiZulu 2020

“Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo, nefu, nesigayegaye, ngezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lawa mazwi uJehova wawakhuluma ngezwi elikhulu ebandleni lenu lonke entabeni, phakathi komlilo, nefu, nasebumnyameni; futhi Akanezelanga lutho. Waliloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 5:22
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Niyogcina zonke izimiso, izehlulelo, umthetho, nemiyalo anilobela khona, futhi niyoqikelela ukuba nikwenze. Ningabesabi abanye onkulunkulu.


Kepha abantu bamela kude, kwaba nguMose kuphela osondela efini elimnyama lapho uNkulunkulu wayekhona.


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni uhlale lapho, ngizokunika izibhebhe zamatshe, umthetho nemiyalelo engikubhalileyo ukuze ubafundise yona.”


USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi emlilweni, njengalokho ulizwile, baphila na?


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


“Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama, intaba ivutha umlilo, nasondela kimi, zonke izinhloko zezizwana zenu namalunga enu,


USimakade wakhuluma nani ubuso nobuso entabeni, esemlilweni.


Ngokuba anizanga entabeni ethintekayo nevutha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,