Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 5:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo, nefu, nesigayegaye, ngezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 “Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Lawa mazwi uJehova wawakhuluma ngezwi elikhulu ebandleni lenu lonke entabeni, phakathi komlilo, nefu, nasebumnyameni; futhi Akanezelanga lutho. Waliloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 5:22
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu;


Abantu bema kude; uMose wasondela ebumnyameni obunzima, lapho ekhona uNkulunkulu.


UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”


Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi komlilo, njengalokho wena uzwile, baphile, na?


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wena wezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


“Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama, intaba ivutha umlilo, nasondela kimi, zonke izinhloko zenu zezizwe zenu namalunga enu,


UJehova wakhuluma kinina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo.


Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka