ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha eGibhithe nasesithandweni somlilo wensimbi.
UDuteronomi 4:20 - IsiZulu 2020 Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube ngabantu befa kuye njenganamuhla. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uJehova wanithatha, wanikhipha esithandweni sensimbi, eGibithe, nibe yifa lakhe, njenganamuhla. |
ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha eGibhithe nasesithandweni somlilo wensimbi.
Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubeluse, ubathwale, kuze kube phakade.
Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso unguSimakade, isizwe azikhethele sona saba yifa lakhe.
benza impilo yabo yaba muncu ngokubasebenzisa kanzima odakeni nasezitinini, nasemisebenzini yonke emasimini. Babaphatha ngendlakadla enkulu kukho konke ababebenzisa khona.
Wathi: “Ngiyakuncenga, Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, uSimakade makahambe nathi, nakuba laba bantu bengontamolukhuni. Sixolele ububi bethu, nezono zethu, usithathe sibe yifa lakho.”
Ngizonithatha nibe ngabantu bami, futhi ngibe nguNkulunkulu wenu. Niyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguNkulunkulu wenu, onikhululile emithwalweni yabaseGibhithe.
Isiphrofetho maqondana nezilwane zaseNegevu. Badabula ezweni losizi nenhlupheko, elebhubesi nebhubesikazi, elebululu nenkanyamba; umcebo wabo bawethwesa izimbongolo, ingcebo yabo bayibeka emalundeni amakameli, bayiyisa kubantu abangenakubasiza ngalutho.
Bheka, ngikucwengisisile, kodwa hhayi njengesiliva; ngakuvivinya esithandweni sezinhlupheko.
engayala ngaso okhokho benu mhla ngibakhipha eGibhithe, esithandweni sensimbi, athi: “Yizwani izwi lami, nikwenze konke lokho enginiyala ngakho, niyoba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wenu;
Wayesesondela uNebukhadinezari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadirakhi, Meshakhi, no-Abhedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phakathi komlilo.
kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,
esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,
Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
USimakade unikezile isiqiniseko namuhla sokuthi wena uyokuba yisizwe esiyifa lakhe njengokwesithembiso sakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,
Ngokuba uyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho. USimakade uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe esiyifa lakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
Ngakhuleka kuSimakade, ngathi: ‘Nkosi Simakade, ungababhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.
“ ‘Bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’ ”
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.