Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 26:18 - IsiZulu 2020

18 USimakade unikezile isiqiniseko namuhla sokuthi wena uyokuba yisizwe esiyifa lakhe njengokwesithembiso sakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 uJehova ukuqinisele namuhla ukuthi uyakuba yisizwe senzuzo yakhe njengokukwethembisa kwakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJehova unimisile namuhla ukuba nibe ngabantu bakhe abakhethekile njengokunithembisa kwakhe, nigcine yonke imiyalo yakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 26:18
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wazimisela abantu bakho, u-Israyeli, ukuba babe ngabantu bakho kuze kube phakade, Wena Simakade ube nguNkulunkulu wabo.


khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho.


Ngokuba uSimakade uziqokele uJakobe no-Israyeli, ukuba abe yifa lakhe.


Ngizonithatha nibe ngabantu bami, futhi ngibe nguNkulunkulu wenu. Niyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguNkulunkulu wenu, onikhululile emithwalweni yabaseGibhithe.


Njengalokhu indwangu yasokhalo inamathela okhalo lomuntu, kanjalo ngiyenze indlu yonke yakwa-Israyeli, nayo yonke indlu yakwaJuda ukuba zinamathele kimi,’ kusho uSimakade, ‘ukuba babe ngabantu bami, ngizenzele ngabo igama, nodumo, nendumiso, kodwa kabalalelanga.’


Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba Mina Simakade ngingcwele, nginehlukanisile kwabezizwe ukuba nibe ngabami.


Ngaleso sikhathi ngiyakunibuyisa, lapho nginiqoqa, ngokuba ngiyakunenza nibe negama nodumo kubo bonke abantu bomhlaba, mhla ngiguqula ukuthunjwa kwenu nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.


Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa.


Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Ngalokho uyolalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”


“Kuyothi uma ulalela nokulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. USimakade uNkulunkulu wakho uyokuphakamisa phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.


“USimakade uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengoba afunga kuwe, uma ugcina imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho, uhamba ezindleleni zakhe.


ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe, naye abe nguNkulunkulu wakho, njengalokhu asho kuwe, nanjengalokhu afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe.


Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla.


Ngokuba uyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho. USimakade uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe esiyifa lakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka