Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 4:19 - IsiZulu 2020

19 hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 futhi ungaphakamiseli amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga, nenyanga, nezinkanyezi, yebo, lonke ibandla lasezulwini, lixoshwe ukuba likhuleke kuzo, likhonze lezo uJehova UNkulunkulu wahlukanisela izizwe zonke ngaphansi kwalo lonke izulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 4:19
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi: “Makuvele izikhanyisi emkhathini ukuze zehlukanise imini nobusuku, zibe yinkomba yezinkathi neyezinsuku neyeminyaka,


Kwase kuyapheleliswa ukudalwa kwezulu nomhlaba nakho konke okukukho.


Bayishiya yonke imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza nezigxobo zika-Ashera, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBhali.


Wabuye wazakha izindawo eziphakemeyo ezazibhidlizwe nguyise uHezekiya, wamisela uBhali i-althare, wagxumeka izigxobo zika-Ashera njengoba kwakwenze u-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulona lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Yasusa namahhashi amakhosi akwaJuda ayenikele ngawo kulo ilanga, ngasendleleni yokungena endlini kaSimakade, ngasekamelweni likaNathani Meleki, induna eyayisePhariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uyise uHezekiya ayezidilizile, wamisela uBhali ama-althare, wenza o-Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


“Nguwe wedwa onguSimakade, nguwe owenza izulu, izulu lamazulu, nayo yonke imikhosi ekulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nezilwandle nakho konke okukuzo, konke ukuphe ukuphila, imikhosi yasezulwini iyakukhothamela.”


Akukho nkulumo, akukho mazwi, nezwi lakho alizwakali,


Izindlu eJerusalema nezigodlo zamakhosi akwaJuda, ziyakungcola njengeThofethi, yebo, nakuzo zonke izindlu abashisele ibandla lasezulwini impepho, phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo.’ ”


Usho kanje uSimakade obeka ilanga ukuba likhanyise emini, nezikhathi ezimisiwe zenyanga nezezinkanyezi, ukuba zikhanyise ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo; nguSimakade Wamabandla igama lakhe, uthi:


Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uma bengingenzanga isivumelwano sami nemini nobusuku, nezimiso nezulu nomhlaba,


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


engadli ezintabeni, engaphakamiseli amehlo akhe ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, enganukubezi umfazi kamakhelwane wakhe, engasondeli kowesifazane osesikhathini,


Wayesengingenisa egcekeni lendlu kaSimakade elaliphakathi; ngasemnyango wethempeli likaSimakade, phakathi komphemegumbi ne-althare, kwakukhona amadoda angama-25 efulathele ithempeli likaSimakade. Ubuso bawo babubheke empumalanga, ekhothamela ngasempumalanga, ekhonza ilanga.


nabakhothama ophahleni bekhuleka kulo ibandla lasezulwini, nabakhothamela ukufunga kuSimakade bebe befunga nakuMalkhamu,


ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaphrofethi, ukuthi: “ ‘Nanginika yini imihlatshelo neminikelo iminyaka engamashumi amane nisehlane, nina ndlu ka-Israyeli na?


Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen.


Niyakumkhanda ngamatshe aze afe, ngokuba uzame ukunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


ahambe, akhonze abanye onkulunkulu, akhuleke kubo, noma kungaba yilanga, yinyanga, noma yibandla lezulu, engingayalanga ngakho ukuba kukhonzwe,


noma umfanekiso wesilwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, noma umfanekiso wenhlanzi esemanzini phansi komhlaba;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka