Ngiyakubabusisa abakubusisayo, ngibaqalekise abakuqalekisayo. Yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa ngawe.”
UDuteronomi 32:43 - IsiZulu 2020 Memezani ngokuthokoza bantu bakhe, nina zizwe, ngokuba uyakuliphindiselela igazi lezinceku zakhe, aziphindiselele kwabamelene naye, ahlambulule izwe lakhe nabantu bakhe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yenanelani abantu bakhe nina zizwe, ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe, abuyisele impindiselo kwabamelene naye, enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.” Contemporary Zulu Bible 2024 Jabulani, O zizwe, kanye nabantu bakhe, ngokuba uyophindisela igazi lezinceku zakhe futhi aphindisele kwabamelene naye futhi abe nesihe ezweni lakhe nakubantu bakhe. |
Ngiyakubabusisa abakubusisayo, ngibaqalekise abakuqalekisayo. Yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa ngawe.”
mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho ohlala kuyo, wenze njengakho konke owezizwe akucelile kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba balazi igama lakho, bakwesabe Wena njengabantu bakho, u-Israyeli, baze bazi ukuthi igama lakho libiziwe phezu kwale ndlu engiyakhileyo.
Uyakuyibhubhisa indlu ka-Ahabi, inkosi yakho, ukuze ngiphindiselele igazi lezinceku zami, abaphrofethi, negazi lezinceku zonke zikaSimakade elachithwa yisandla sikaJezebheli.
Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;
Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,
Kungani abeziwe bethi phambi kwamehlo ethu: “Ukuphi uNkulunkulu wabo na?” Ukuphindiselelwa kwegazi lezinceku zakho elichithekileyo makwaziwe kwabezizwe.
Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho, usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.
Ngakho-ke iNkosi uSimakade Wamabandla, uSomandla ka-Israyeli, uthi: “Impela ngizothululela ulaka lwami ezitheni zami, ngiziphindiselele kuzo.
Ngizoguqula isandla sami ngimelane nawe, ngicwengisise wonke amanyela akho, ngisuse konke ukungcola kwakho.
Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.
Ngalolo lusuku kuyoba khona umgwaqo omkhulu osuka eGibhithe uye e-Asiriya, i-Asiriya liyokuya eGibhithe, neGibhithe liye e-Asiriya, abaseGibhithe bayokhonza nabase-Asiriya.
USimakade Wamabandla awubusisile, ethi: “Malibusiswe iGibhithe, abantu bami ne-Asiriya, umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.”
Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”
Ubuningi bamakameli buyakukusibekela, amakameli asemancane akwaMidiyani nase-Efa; bonke abaseShebha bayakuza, bethwele igolide nempepho, bememezele izindumiso zikaSimakade.
“Thokozani neJerusalema, nethabe nalo nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo, nina nonke enilililelayo,
Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”
Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngiyakuyimela indaba yakho, ngikuphindiselele, ngilomise ulwandle lwalo, ngenze umthombo walo ushe.
INkosi yaphenduka yanjengesitha, yambhubhisa u-Israyeli, yachitha zonke izigodlo zakhe, yabhidliza izinqaba zakhe, yandisa ukukhala nokulila endodakazini uJuda.
ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usawuvula umlomo wakho futhi, ngenxa yehlazo lakho, lapho sengikuthethelele konke okwenzileyo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
Ngiyakuziphindiselela ku-Edomi ngesandla sabantu bami, u-Israyeli; bayakwenza kwa-Edomi ngokwentukuthelo yami nangokolaka lwami, bayakuyazi-ke impindiselo yami, kusho iNkosi uSimakade.” ’
Kepha lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngizibuse, ziletheni lapha, nizibulale ngizibonela ngawami.”
Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.
Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.
Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nalabo abanqobe isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngasolwandle lwengilazi, bephethe amahabhu kaNkulunkulu.
Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”
Yamemeza ngezwi elikhulu, yathi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, seliphenduke indawo ehlala amadimoni, nejele layo yonke imimoya engcolileyo, nazo zonke izinyoni ezingcolileyo nezinengekayo, nazo zonke izilwane ezingcolile nezinengekayo.
Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”
ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”
Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”