Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 2:5 - IsiZulu 2020

5 INkosi yaphenduka yanjengesitha, yambhubhisa u-Israyeli, yachitha zonke izigodlo zakhe, yabhidliza izinqaba zakhe, yandisa ukukhala nokulila endodakazini uJuda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 INkosi isinjengesitha, imgwinyile u-Israyeli; yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi, yachitha izinqaba zakhe; yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJehova unjengesitha, wadla u-Israyeli, wadla zonke izindlu zakhe zobukhosi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 2:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Washisa ngomlilo indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nazo zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


Ubufihleleni ubuso bakho, ushaye sengathi ngiyisitha sakho na?


Ungivuthele ngentukuthelo yakhe, wangithatha njengesitha sakhe.


Udilize zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.


Bonke abadlula ngendlela bayamphanga, useyihlazo kwabakhelene naye.


Nokho ngizolikhathaza i-Ariyeli, kuzoba nokukhala nokulila, lizofana ne-Ariyeli.


Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakuziguqula izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBhabhele namaKhaledi anivimbezeleyo, angaphandle kogange, ngizozibuthela phakathi kulo muzi.


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.


Washisa indlu kaSimakade, isigodlo senkosi, zonke izindlu eJerusalema, nazo zonke izindlu ezinkulu, wakushisa ngomlilo kwangqongqa.


INkosi izibhubhise ngokungenaluzwelo, zonke izindawo okuhlala kuzo uJakobe. Ngentukuthelo yayo, izibhidlizile izigqaba zendodakazi uJuda, yaqumba phansi emhlabathini umbuso, nababusi yabathela ngehlazo.


Yansala umnsalo wayo njengesitha, isandla sayo sokunene samelana nathi, yabulala konke okwakuthandeka emehlweni ethu; ethendeni lendodakazi iZiyoni, intukuthelo yayo yayikhafulisa okomlilo.


Wawendlala phambi kwami, wawulotshiwe ngaphandle nangaphakathi. Kuwo kwakubhalwe izililo nokuzila, nokuthi: “Maye!”


USamuweli wathi: “Pho ubuzelani kimi, njengoba uSimakade esekuphendukele, waba yisitha sakho na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka