“USimakade uyaphila malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu, idwala lensindiso yami.
UDuteronomi 32:15 - IsiZulu 2020 “UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJeshuruni wayesekhuluphala, wakhaba; usukhuluphele, uzimukile, uchachambile; wayesemshiya uNkulunkulu owamenza, walidelela iDwala lensindiso yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uJesuruni wakhuluphala wakhahlela; ukhuluphele, ukhuluphele, ukhuluphele; wayesemshiya uNkulunkulu owamenzayo, wadelela iDwala lensindiso yakhe. |
“USimakade uyaphila malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu, idwala lensindiso yami.
Kepha baphambuka kuNkulunkulu wokhokho babo, balandela onkulunkulu babantu balelo lizwe, baphinga, uNkulunkulu ababhubhisa phambi kwabo.
Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye.
Kepha lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaqala ukuzikhukhumeza, waze waziphatha kabi, akethembeka kuSimakade uNkulunkulu, wangena ethempelini likaSimakade washisa impepho e-althare lempepho.
Banqoba imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo; badla izindlu ezigcwele yonke into enhle, imithombo embiweyo, izivini, amasimu emikhiwane nezithelo eziningi ezidliwayo. Badla, basutha, banonophala, bawuthokozela umusa wakho omkhulu.
“Kodwa abalalelanga, bakuhlubuka, bawufulathela umthetho wakho. Babulala abaphrofethi bakho, ababebagqugquzela ukuba babuyele kuwe; benza amahlazo enyanyekayo.
Yazini ukuthi uSimakade unguNkulunkulu; nguYena osidalileyo, asizidalanga thina, singabantu bakhe, nezimvu zedlelo lakhe.
USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami.
Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela.
Manje usho kanje uSimakade owakudala wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubize ngegama lakho; ungowami.
Usho kanje uSimakade owakudalayo, wakubumba kwasesibelethweni, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.
Yenza inhliziyo yalaba bantu ibe lukhuni, izindlebe zabo zibe buthuntu; ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”
“Wena sizukulwane, lalela izwi likaSimakade. “Ngike ngaba yini yihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye na? Kungani abantu bami bethi: ‘Sesidlubulundile, asisayukubuyela kuwe,’ na?
Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo, nomakoti ixhama lakhe na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Bubi buni oyihlo ababufumana kimi, ukuba baze badede babe kude nami, balandele okuyize, baphenduke ize nabo na?
Bakhuluphele, bayacwebezela, yebo, ububi babo abunamkhawulo, abehluleli ngokulunga, abazimeli izintandane ukuba nazo ziphumelele, abawalweli amalungelo abampofu.
“Kepha ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabondla basutha, kodwa baphinga, babuthana endlini yesifebe.
ukuze ngibambe indlu ka-Israyeli ededileyo kimi ngenhliziyo yayo ngenxa yazo zonke izithombe zayo.” ’ ”
Njengoba banda nje, kanjalo kuyanda nokona kwabo kimi. Ngiyakuguqula ukuhlonishwa kwabo kube yihlazo.
ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba buthuntu; sizwa kanzima ngezindlebe, amehlo aso siwavalile, funa mhlawumbe sibone ngamehlo, sizwe ngezindlebe, siqonde ngenhliziyo, siphenduke; ngisiphilise.” ’
USimakade wathi kuMose: “Bheka, usuzoyolala noyihlomkhulu; laba bantu bayakusuka, bayophinga nonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bayakungishiya, basaphule isivumelwano engisenze nabo.
Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engafunga kokhokho babo, izwe elichichima ubisi noju, bayodla, basuthe, bakhuluphale, bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangedelele, basephule isivumelwano sami.
“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.
Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na? Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile, akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye wanenza, wanimisa, na?
“Akekho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, ogibela amazulu ukuzokusiza, namafu ngobukhosi bakhe.
USimakade waba yinkosi eJeshuruni, ngesikhathi izinhloko zabantu ziqoqana ndawonye, nezizwana zakwa-Israyeli zabuthanela ndawonye.
Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza.
Kungani niwedelela umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, uhloniphe amadodana akho kunami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle yakwa-Israyeli, yabantu bami na?’