Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 2:29 - IsiZulu 2020

29 Kungani niwedelela umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, uhloniphe amadodana akho kunami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle yakwa-Israyeli, yabantu bami na?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Niwukhahlelelani umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, udumise amadodana akho phezu kwami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle kunayo yonke yakwa-Israyeli, abantu bami, na?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Kungakho ukhahlela isisulu sami nomhlatshelo wami enginawo endaweni yami yokuhlala; nidumise amadodana enu ngaphezu kwami, ukuze nizikhukhumeze ngenhlokweni yemihlatshelo yonke yabantu bami u-Israyeli na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 2:29
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa nangonyaka wama-23 wokubusa kwenkosi uJehowashi, abaphristi babengakazilungisi izimfa zendlu.


Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.


Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”


isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bhekani-ke, ngimelene nabelusi, ngizozifuna izimvu zami esandleni sabo, ngenze ukuba bangabe besazelusa, futhi bangabe besaba ngogombela kwesabo. Ngizohlenga izimvu zami emlonyeni wabo, zingabe zisaba ngukudla kwabo.”


“Ndodana yomuntu, phrofetha umelane nabelusi bakwa-Israyeli; phrofetha uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubelusi bakwa-Israyeli abazicabangela bona! Kanti abelusi akumele yini ukuba beluse izimvu na?


Badla izono zabantu bami, balubalubele iziphambeko zabo.


“ ‘Aniyukuhlanekezela ukwehlulela. Aniyukumbandlulula ompofu, nivune ocebileyo, kodwa niyomehlulela ngokulunga umakhelwane wenu.


Usho kanje uSimakade: “Ngabaphrofethi abadukisa abantu bami, abaluma ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ kuthi lowo ongabeki lutho emlonyeni wabo bavivele ukumthelekela ngempi.


“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;


Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu.


“Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami.


ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


“UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe.


owathi ngoyise nonina: ‘Angibabonanga,’ wangabanaka abafowabo, akaze abanakekela abantwana bakhe. Ngokuba baligcina izwi lakho, basigcina isivumelwano sakho.


Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa.


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka