Bhekani, uNkulunkulu unathi, uyasihola, nabaphristi bakhe baphethe amacilongo empi ukuze bahlabe umkhosi ngenxa yenu. Bantu bakwa-Israyeli, ningalwi noSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, ngokuba aniyukuphumelela.”
UDuteronomi 3:22 - IsiZulu 2020 Ningabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu nguye ozakunilwela.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Aniyikubesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguyena onilwelayo.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Akumelwe nibesabe; ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakunilwela. |
Bhekani, uNkulunkulu unathi, uyasihola, nabaphristi bakhe baphethe amacilongo empi ukuze bahlabe umkhosi ngenxa yenu. Bantu bakwa-Israyeli, ningalwi noSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, ngokuba aniyukuphumelela.”
Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”
Uvalo ngoNkulunkulu lwehlela yonke imibuso yamazwe lapho bezwa ukuthi uSimakade wayelwe nezitha zika-Israyeli.
Uma nizwa kuhlatshwa umkhosi ngecilongo, anobuthana ngakimi. UNkulunkulu wethu uzosilwela.”
Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.
Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”
USimakade wathi kuMose: “Ungamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho nabantu bakhe bonke nezwe lakhe. Uyokwenza kuye njengalokhu wenza kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.”
USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka.
“Nxa uphuma uyokulwa nezitha zakho, bese ubona amahhashi, izinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe, Yena owakukhuphula eGibhithe.
USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’
“Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Amehlo akho abonile konke uSimakade uNkulunkulu wenu akwenze kulawa makhosi amabili, ngakho-ke uSimakade uyokwenza kanjalo kuyo yonke imibuso enisazodabula kuyo.
UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.
Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.