Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 4:20 - IsiZulu 2020

20 Uma nizwa kuhlatshwa umkhosi ngecilongo, anobuthana ngakimi. UNkulunkulu wethu uzosilwela.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Noma kuyiphi indawo lapho nizwa khona ukubethwa kwecilongo, buthanani khona, nize kithi; uNkulunkulu wethu uyakusilwela.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Nomaphi lapho nizwa khona ukukhala kwecilongo, niye khona; uNkulunkulu wethu uyakusilwela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 4:20
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Uma ama-Aramu eba namandla kunami, uyakuza ungihlenge, kodwa uma abakwa-Amoni beba namandla kunawe, ngizoza ngikophule.


Ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu: “Umsebenzi mkhulu, wendlalekile, thina siqhelelene kakhulu ogangeni.


Saqhubeka kanjalo nokusebenza, enye ingxenye ihlome ngemikhonto ilungele ukulwa, kusukela entathakusa kuze kuqhakaze izinkanyezi.


USimakade uzonilwela, nina thulani du.”


Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”


USimakade uyakuphuma alwe nezizwe, kube njengosuku lwakhe lokulwa mhla impi ibambene.


USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka.


USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’


Ningabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu nguye ozakunilwela.’


Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka