Kuyakuthi lapho senivunile, uFaro nimnike ingxenye yesihlanu, izingxenye ezine zibe yimbewu yamasimu enu, nokudla kwenu, nokwabendlu yenu, nabantwana benu.”
UDuteronomi 26:12 - IsiZulu 2020 “Kuyothi lapho usuqedile ukuthatha konke okweshumi kwezithelo zakho, ngonyaka wesithathu, okungunyaka wokweshumi, usumnikile, wadla, wasutha umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala nawe emzini wakho, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe, Contemporary Zulu Bible 2024 Uma usuqedile konke okweshumi kwenzuzo yakho ngomnyaka wesithathu, ongumnyaka wokweshumi, ukunike umLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, ukuba badle emasangweni akho, badle emasangweni akho kugcwaliswe; |
Kuyakuthi lapho senivunile, uFaro nimnike ingxenye yesihlanu, izingxenye ezine zibe yimbewu yamasimu enu, nokudla kwenu, nokwabendlu yenu, nabantwana benu.”
UJosefa wakumisa lokhu kwaba wumthetho mayelana nomhlaba eGibhithe; kusengumthetho osebenzayo nanamuhla, ukuthi ingxenye yesihlanu yezitshalo ingekaFaro. Ngumhlabathi wabaphristi kuphela ongazange ube ngokaFaro.
“ ‘Konke okweshumi kwezwe, okwembewu noma okwezithelo zemithi yezwe, kungokukaSimakade; kungcwele kuSimakade.
Okweshumi, abantu bakwa-Israyeli abanikela ngakho kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, ngikunike abaLevi ukuba kube yifa labo. Yingakho ngithe kubo: ‘Abayukuba nalifa phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.’ ”
wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ophakathi kwamasango akho.
Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubuphristi, bayaliwe ukuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okusho ukuthi kubafowabo, nakuba nabo bengabokhalo luka-Abhrahama.
Kungashiwo ukuthi uLevi uqobo wemukela okweshumi, wakhokha okweshumi ngaye u-Abhrahama,