Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 47:26 - IsiZulu 2020

26 UJosefa wakumisa lokhu kwaba wumthetho mayelana nomhlaba eGibhithe; kusengumthetho osebenzayo nanamuhla, ukuthi ingxenye yesihlanu yezitshalo ingekaFaro. Ngumhlabathi wabaphristi kuphela ongazange ube ngokaFaro.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UJosefa washaya umthetho ngezwe laseGibithe kuze kube namuhla wokuthi uFaro uzakuba nokwesihlanu; kuphela izwe labapristi bodwa alibanga yilo elikaFaro.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UJosefa wabeka umthetho phezu kwezwe laseGibhithe kuze kube namuhla ukuthi uFaro athole ingxenye yesihlanu; ngaphandle kwezwe labapristi lodwa, elingazange libe ngelikaFaro.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 47:26
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onikele ezandleni zakho izitha zakho.” U-Abhrama wayesenikela kuMelkhizedeki ngokweshumi kwakho konke.


naleli litshe engilimisileyo laba yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, bese kuthi konke ozongipha khona ngikunikele kuwe, kube ngokweshumi.”


UFaro makenze kanjalo, aqoke izibonda zengamele lonke iGibhithe, ukuze ziqokelele ingxenye eyodwa kweziyisihlanu yesivuno esizotholakala kule minyaka eyisikhombisa yenala.


Umhlaba wabaphristi yiwo kuphela angawuthenganga, ngokuba kwakunesabelo sabaphristi esivela kuFaro. Babedla leso sabelo ababesinikwe nguFaro, yingakho bengawuthengisanga umhlaba wabo.


Bathi: “Usisindisile, ngakho-ke masifumane umusa kuwe nkosi, siyakuba yizigqila zikaFaro.”


Futhi siyanazisa ukuthi anivunyelwe ukukhokhisa intela abaphristi, abaLevi, abaculi, abalindisango, izisebenzi zasethempelini nezinye izisebenzi ezisebenza kule ndlu kaNkulunkulu.


Ngiyakuletha abantu abakhohlakele bezizwe, bayakudla izindlu zabo; ngikuqede ukuzidla kwabanamandla, izindawo zabo ezingcwele zingcoliswe.


“ ‘Konke okweshumi kwezwe, okwembewu noma okwezithelo zemithi yezwe, kungokukaSimakade; kungcwele kuSimakade.


“Abozalo lukaLevi ngibanike okweshumi kwa-Israyeli ukuba kube yifa labo; ngomsebenzi abawenzayo ethendeni lokuhlangana.


“Uyonikela okweshumi kwezithelo zonke zembewu yakho, ezivela ensimini unyaka nonyaka.


“Kuyothi lapho usuqedile ukuthatha konke okweshumi kwezithelo zakho, ngonyaka wesithathu, okungunyaka wokweshumi, usumnikile, wadla, wasutha umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala nawe emzini wakho,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka