Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.
UDuteronomi 24:3 - IsiZulu 2020 Uma indoda yesibili ingasamthandi, iyombhalela incwadi yesehlukaniso, imnike yona esandleni, bese imkhipha endlini yayo, noma le ndoda yesibili ebimthathile waba ngumkayo ingafa, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma indoda yesibili imala, imlobele incwadi yesahlukaniso, imnike yona esandleni sakhe, imkhiphe endlini yayo, noma le ndoda yesibili eyayimthathe abe ngumkayo ifa, Contemporary Zulu Bible 2024 Uma indoda yokugcina imzonda, imbhalele incwadi yesahlukaniso, imnike esandleni, imxoshe endlini yakhe; noma isifa indoda yokugcina eyamthatha abe ngumkayo; |
Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.
Ubonile ukuthi ngakho konke ukungethembeki kwakhe u-Israyeli, ohlubukayo angenqenanga ukumnika incwadi yesehlukaniso, nokho udadewabo uJuda akesabanga, naye uhambile wayofeba.
“Lapho umuntu ethatha umfazi, amgane, kodwa angabe esamthokozisa ngoba ethole kuye okuthile okwenyanyekayo, uyombhalela incwadi yesehlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, bese emkhipha endlini yakhe.
indoda yakhe yokuqala eyamxosha ayikwazi ukubuyela kuye imthathe futhi abe ngumkayo, ngokuba usengcolisekile ngale ndlela, lokho kuyisinengiso phambi kukaSimakade. Awuyukwenza ukuba izwe uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, libe necala.